12/01/2024
QHAWEKAZI π¦πΏ : THE ROYAL PRINCESS π
ISIQEPHU 4
βββ
LWANDLE π
Ngiqeda kufika nje emsebenzini ngingene ngiyobeka isikhwama sami laphana endlini yamathuluzi nakhu sengizithela kwi Ndlovukazi iflathele umnyango ngijike ngokushesha uma ngimbona ngithi ngiyabaleka
INdlovukazi kaMathe "Yeeyii wena woza la uma ubona mina ubona ugogo wakho nje ongadlala naye ama games"
Ngivale amehlo kancane kodwa Nkulunkulu ngenzeni mina ngase ngijeziswa kangaka
INdlovukazi kaMathe "Khululeka ke ungathuki ngizokwenzela izinto zibulula ndodana"
Ngimbuke ngokushesha
INdlovukazi "Ungumfana nje olivaka ohlulwa ukwenza umsebenzi omncane khululeka ngizozenzela ungabe usazihlupha"
Lwandle "Kodwa Ndlovukazi kungani ungayiyeki yonke lento"?
INdlovukazi kaMathe "Khona wena uzoqhubeka ubonane no Qhawekazi ngasese cha ngeke ukubone lokho"
Ngibheke phansi
Lwandle "Ndlovukazi mina no Qhawekazi asiyilutho futhi asibonani nhlobo ngasese"
INdlovukazi kaMathe "Ingakho kade nincebeleke ngapha emfuleni ingoba akukho okunihlanganisayo ngiyacabanga inkosi ingakujabulela ukwazi lokho"
Lwandle "Angikaze ngibonane no Qhawekazi mina Ndlovukazi yami ngiyathembisa"
INdlovukazi kaMathe "Ayi s**a lana phambi kwami angifuni ukuzwa into ephuma emlomeni wakho awulaleli"
Ngiphume ngokushesha ngiphefumulele phezulu ngiyafisa ukwazi ukuthi ubani lona ongicebe kwi Ndlovukazi noma usethumela abantu ukuthi bangiqaphe ngiyafisa ukwazi
*****
Namhla angiphethanga ngisho isintsha isikhathi sekhefu wonke umuntu uyadla ngaleyonkathi mina ngiqhubeke nalokhu ebengikwenza ayikho into engizoyihlalela
Ngirole amehlo uma sengizwa amakha entombazane ngiyezwa akuwona aka Qhawekazi ngingavusi ngisho ubuso ukuze ngibone ngigcwele u oyela ke ezandleni ngi busy nemoto ekhona lapha ebaleni
Qhamukile "Lwandle"
Ngivuse ubuso ngikhothame
Lwandle "Nkosazane"
Ahleke
Qhamukile "Musa ukukwenza lokho asikho isidingo sakho bengithi angikubheke nje isikhathi sekhefu wena usa busy nomsebenzi"
Lwandle "Awu Nkosazane ungazikh