24/05/2026
IVANGELI lamandla npkuphila okusha okungoJesu Kristu kuphela emhlabeni wonke jikelele.
Into encane KAKHULU eyenziwa
Lafihlwa kubaphathi mandla bezwe , nabahlakaniphileyo bakhona, nabaphathi mali nenjabulo yezwe- kwathi MBO
Lavezelwa laba abangelutho ezweni , abangenamandla, infact abangazwakali ngisho bekhuluma , izidomu zomhlaba , abapofu , abahluphekayo
Kwathiwa nanti IFA LENU NGOBA ELOMHLABA NANQATSHELWA LONA.
INGAKHO sibizwa ngabafokazi nezihambi , abanye bedayise konke ababenakho komhlaba ngenxa yenzuzo enkulu esibekelwe , elithi izwi izinhlupheko zamanje ngeke zilingane nenjabulo esibekelweyo uJesu ezulwini.
Kubalulekile ukubheka ukukholwa kwakho ukuthi kuyakuyisa yini ezulwini noma uyakhishwa ngomnyango . Umuntu oncebile uyakholwa KODWA Jesu uqobo wathi amathuba alokho macane kuhle kwekameli liyongena ngembobo yenaliti- cabanga ke NAWE lomfanekiso.
Lento isho ukuthi asiyeke ukulalela ngokuthi umuntu unani enyameni. Use- Achieve kangakanani ngoba lendlela uNkulunkulu akayisebenzisi , futhi nje iyamnenga kwabayenzayo. Aze athi kuJakobe , yekani ukwwmukela abazalwane ebandleni ngokuthi banani nibona indlela abambathe ngayo. Ngoba nithi nisuka abatshengisa ukungabi namali ngendlela abambathe ngayo , nibancindezele nibashonise emumva ngemizwa ngendlela enesihluku senyoka kodwa bethi bayakholwa. Bese nimphatha kahle LONA ONEMALI ngeringi yakhe yegolide .
Kubi KAKHULU LOKHO kuJesu esimkhonzayo.
Ingakhoke fanele Moya Ongcwele anikhumbuze ukuthi labantu enibathandayo , iningi labo abalifuni IVANGELI ngoba banezinto zabo ezithi bona