29/07/2026
INYOKA! (Coral snake)
Njengoba kuyihlobo kwamanye amazwe afana noUSA nje, nabo banezinkinga zakhona ezibaxinayo futhi eziyingozi nezilungile.
Nayi ke enye inkinga ababhekana nayo, IZINYOKA! yebo, izinyoka zihlupha yonke indawo uma kuyihkobo noma kwethwasa ihlobo.
EUSA inyoka eyingozi kakhulu, nethi ayifane nenyoka esiyazi la eMzansi uKhokhothi ngezenzo iCoral Snake, cha! Asilazi igama layo lesintu ngoba nayo eyakude.
Lenyoka inobuthi (Neurotoxic) obunzima kakhulu kunazo zonke izinyoka kwelikaTrump kodwa kukancane uzwe kuthiwa ilume umuntu, kunalokho izilumela izinja kanye nezinye izilwane eziyiphazamisayo.
Inamazinyo amafushane ngaphambili ukuze ilume bese iyahlafuna ukuze ikwazi ukufaka ubuthi.
UKUZIPHATHA NENDAWO:
Itholakala eNingizimu-mpumalanga yeUSA koGeorgia, Florida, Masissipi, Louisiana, Alabama, Texas, North/South Carolina. Ithanda indawo enesihlabathi futhi eyihlathi, kanti ibuye itholakale efokosini nexhaphozi futhi ichitha isikhathi esiningi ngaphansi kwamahlamvu.
UKUDLA: idla ezinye izinyoka kanti ayizweli obunye ubuthi bezinye izinyoka, izibankwa, izinyoni, nezilwane zasemanzini.
Lenyoka izala amachwane aphilayo asuka ku3 kuya kwangu 12.
FACT: Lenyoka ithi ayifane noKhokhothi ngoba zombili lezinyoka akulula zikulume kodwa zinobuthi obuyingozi kakhulu, okwenzeka ubuthi bayo bube ingozi ukuthi azinayo iAnti vernom okusho ukuthi maningi amathuba okuthi ushone uma ikulumile.
N**i izithombe zayo: